Thina njengabasebenzi boMnyango Wezobuciko kanye Namasiko Kazwelonke sinikezwe imithombo yombuso ehlukahlukene ebekwe ngaphansi kwethu ukuthi siyiphathe siphinde siyibheke.
Ngokulandela Umthetho Wokuphatha Ezezimali Zomphakathi izisetshenziswa zombuso kumele ziqashelwe ngaso sonke isikhathi ngakho-ke kumele sisebenzise imithetho yokuphatha kanye nokwenza imithetho yokuvikela ukuvimbela ukulahleka okuphathelene naloku.
Owodwa wale mithetho yokuphatha ukusetshenziswa kwemithetho yokuphepha okufana nokusesha yonke imithwalo yomuntu ephethwe ngezandla, izimoto noma okuthwelwe.
Umthetho Wokuphatha Ukufinyelela Ezindaweni Zomphakathi kanye Nomthetho Wezimoto, wama-53 ka-1985 unikeza abasebenzi bezokuphepha amandla okwenza okuthile ngokulandela isigaba se-2 somThetho wama-53 ka-1985 (ofana onokwenza ukusesha, ukwenqabela ukungena noma ukuphuma njll). [Uyacelwa ukuba ubheke izaziso ezikhangiswe emagcekeni ethu].
Kuyiqiniso futhi ukuthi lona uhlobo olufanayo lokuphepha luyazenza ukuthi lungabi nako ukusetshenziswa okunobungani kubasebenzisi. Ukufika kuleli phuzu ukusebenzisana nokuqonda kwabasebenzi kuzojatshulelwa. Uyacelwa ukuba ukhululeke ukuxhumana noMnu. Van Rooyen uma ngabe kukhona okungacacile ngokuphathelene nemithetho kanye nezinqubo zethu zokuphepha.
